| EZESIKHATHI SOKULINDELA UKUZALWA KOMSINDISI | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 1. Baba Nkosi yaphezulu | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Baba, Nkosi yaphezulu,
nampa thin’abantwabakho.
Nkosi, bona ubumnyama obusemhlabeni wonke!
Jabulani, zizwe zonke, ngoba nanku kusondele
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 2. Khothamis’amazulu akho Nkosi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Nkosi bona ubumnyama, obusemhlabeni wonke.
Bheka nansi isithunywa, sindizela ngasendlini,
Ulenhlahl’ enkulu wena, ngoba nanku ukhethiwe,
Wathi ukub’ezwe lawo mazwi, uMariya emangele
Jabulani zizwe zonke, ngoba nanku kusondele, C. Zikhali |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
3. Lina mayezi ezulu |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Batsho njalo abantu labo, ababemelele uMsindisi. Nkosi ake umthumele lowo esimthenjisiweyo, aze kusisindisa. Baba olamandla wonke, zwana umkhuleko wethu. Wathumela isithunywa sakho kuMariya, sathi: “Uzakuzala iNdodana.” Amakhosi omhlaba azakumkhonza, lezizwe zonke zizakumdumisa. (c/f Luka 1,26-38) P. Mthombeni |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 4. Nant’ilizwi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Elehliswa nguNkulunkulu kuMariya ngesithunywa uGabriyeli. Wathumela isithunywa ukuthi siyekutshela leliVirigo. Isithunywa samethusa uMariya uMama wethu wasezulwini. Sathi kuye isithunywa: Sakubona Nkosikazi elomusa. Sasesisithi: Ngithunyiwe nguNkulunkulu kuwe wena oliVirigo. Uzakuzala iNdodana uMkhululi wabantu bonke. Wamangala uMariya kodwa yena ethokoza enhliziyweni. Akwenzeke kimi phela njengokutsho lokuthanda kwayo iNkosi. ULizwi waba yinyama, yabelethwa iNdodana phakathi kwethu. P. Hlabano |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 5. Thokozani eNkosini | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Izulu kalivuleke, liveze uMkhululi. Khulul’isizwe sakho Nkosi, kuzo zonke inkathazo. Khizani uMkhululi lina mazulu, lina mayezi mehliseni olungileyo. Izizwe zonke zizamangala, lamakhosi athithibale, ngoba sekusondele ukuza koMkhululi. Hlokomani ngokuhlabela, kuzwakale indawo zonke. Thokoza mphefumulo wami, ngob’iNkosi isiseduze. C. Zikhali |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 6. Vukani makholwa! | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Nanzi, izindaba, ezinhle, zokukhululwa kwethu; Sizakukhululwa, ebugqilini, bezono zomhlaba. Asilungise izindlela zeNkosi sizihlambulule; Ngoba sizabona umusa lothando lweNkosi. Inkazimulo, kaKristu, isikhanya phezu kwethu; umnyama osibekele umhlaba, umhlaba uyedlula. UKristu uzafika enguMhlengi, wezizwe zonke; Wozani sibonge uNkulunkulu ngeNdodana yakhe. M. Mkandla |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 7. Woza, woza Emanuweli | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Woza, woza, Emanuweli, sikulindele, sikubone. Kade sabotshwa ngamacala: USathane wasikhohlisa. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Woza, woza Nkosi yethu, sikhonze kuwe kokuphela. Silondoloze imithetho: Sibe ngabantwabakho sonke. Woza, woza Jesu wethu, akusiqinise ngamandla, eSakramente leAlithare, elinguMzimba wakh’omuhle. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 8. Yehla Nkosi yehl’uvel’emazulwini | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Yehlisani, yehlisan’uMsindisi, yehlisani, lina mayez’ezulu. Siyakhala, sikhala inyembezi ezilosizi. Batsho njalo, batsho njalo abantu, batsho njalo, ababemelele yena. UMsindisi, uMsindis’okwathiwa uzakufika. Ezosindisa, ezosindis’abantu ezonweni, ezonwen’zabo zonke. Abasuse, Abasus’ebumnyameni bezilingo. Olomusa, olomusa uBaba, wezw’ukukhala, wezw’ukukhala kwabo. Wabathumela, wabathumel’iNdodan’uJesu Kristu. Wathuma, wathuma isithunywa, kuMariya, kuMama uMariya. Sathi kuye, sathi uzazal’uMsindisi womhlaba. Wavuma, wavuma uMariya, wavuma, wathi ngiyincekukazi. Wavuma, akwenzeke kimi, njengokutsho kwakho. Wasusehla, wasumehlel’uMoya uMoy’oNgcwele, uMoya oyiNgcwele wathola, wathola iNdodana, uJesu Kristu. P. Mahlangu |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| EZESIKHATHI SOKUZALWA KWENKOSI | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 9. Asihambe labelusi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Asihambe labelusi, siyembona uMsindisi, ozalelwe eBetlehema, oyiNkosi yethu. Sihlabele lezithunywa, simdumis’osemgwembeni siyibonge leyoNgane, ezalelwe thina. Asihambe lamakhosi, sinikele kanye lawo, konk’okuhle esilakho, kiyo leyoNgane. Asibonge njengoNina, loJosef ’umondli wayo, siyithande leyoNgane, enguMthandi wethu. Inhliziyo zethu zonke, siyazipha wena Jesu, zemukele zib’ngezakho, zikuthande njalo. Sibusise Ngane enhle, usinik’uxolo lonke, usilondoloze Jesu, ngobumnandi bakho. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 10. Asihambe lathi labelusi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Asihambe lathi, labelusi, siyembona khona, uMsindisi ozalelwe khonale, eBetlehema.
Makholwa jabulani, nanguMsindisi, onguy’iNdodana kaNkulunkulu. Sihlabele labelusi simdumise, yiyo iNkosi, yamakhosi. Izithunywa zihlabelela, ozelweyo, Zwanini kuyahlatshelwa, izingoma. Hambani Eye, esitebeleni, lingesabi, kuzelw’uMsindisi. Wozani sihambe, makholwa, simbonge uKristu, oyiNkosi. Sithabe sijabule, ngozelweyo, sithole uxolo lomusa, lokulunga. INkosi elamandla, ivel’ezulwini, Asikhuleke kuyo, ngokuthaba konke. Uzakuthiwa, nguMeluleki, INkosi ilathi, isibusisile. P. A. Ndlovu |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 11. Asithokoze, sithabe | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Kwathi, uJes’esezelw’Betlehema, kwafika izazi zasempumalanga. Zabuza, eJerusalema zathi: Ungaphi ozelweyo oyiNkosi yakoJuda na? Zathi, siyibonile inkanyezi yakhe, kwelasempumalanga size ukumkhonza. Abapristi, lababhali babantu bathi: EBetlehema laseJudiya! (c/f Mika 5,1; Mat 2,1-6) P. T. Ndlovu |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 12. Asiy’eBetlehema | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Asiy’eBetlehema, sibingelele sithi: E! Mntwana woPhezulu, E! Mntwana kaMariya. (2x) Bayethe Jesu, Bayethe Jesu! Sikhonza ngani kuyo? Ngomlomo wodwa yini? Hayi, nanz’ inhliziyo, sezingezakho Mntwana (2x) Bayethe Jesu, Bayethe Jesu! Ndodana yoPhezulu, Ndodana kaMariya, mawube nguMsindisi, wabantu bonke Mntwana. (2x) Bayethe Jesu, Bayethe Jesu! |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 13. Busuku obuhle, obasilethela iNkosi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Busuku obuhle, obasilethela iNkosi, uJesu ozasisindisa ozelwe emzini waseBethlehema. E! Kwabelusayo ngalobo busuku, kwafik’izithunywa, zivel’ezulwini, zikhonza zibonga iNkosi uJesu. Besesab’abelusi babon’isithunywa; besizwake leli ilizwi elihle, basebejabula, babonga iNkosi. Wozani makholwa, wozani kuJesu: mus’ukwesaba ukuz’emntwaneni, ogcwele uthando lomusa omkhulu. O! Jesu omuhle, E. ngane emnandi, ufun’inhliziyo; E. nansi, ithathe, ayibe ngeyakho igcinwe nje nguwe. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 14. Dumisani iNkosi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
UJesu Kristu yiNkosi yethu, wazalelwa eBethlehema. Wazalwa kithi enjengathi, wehlukana lathi ngokuba msulwa. Bonganin’iNkosi ngalumkhos’omkhulubonganin’iNkosi uJesu Kristu. Yasimisela iBandla layo yasimanyanisa ngeSidlosayo. L. Mguni |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 15. Hlokomani | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Hlokomani, aleluya, lithokoze, aleluya, ngalolusuku, aleluya sidumise! Chelesani, aleluya; kuzelw’iNkosi, aleluya, yezulu lomhlaba! aleluya sidumise! |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Lina makholwa, jabulanini, nang’uMsindisi, sidumise. Esamthenjiswa, nguNkulunkulu, yena uqobo, sidumise. Mariy’oNgcwele, Josef ‘oNgcwele, nans’iNdodana, sidumise. UJes’uKristu, olel’emgwembeni esitebeleni! sidumise. Laz’izithunywa, ziyadumisa, udumo lweNkosi, sidumise. EBetlehema, lab’abelusi, badumis’iNkosi, sidumise. Yiyo iNkosi, iNkosi yamakhosi, yezulu lomhlaba, sidumise, Wena nkanyezi, ekhazimulayo, kul’umntwan’omuhle, sidumise. Ngesandla sakho, usibusise, Msindisi womhlaba, sidumise. Siph’ukuthula, lothando lwakho kiwo wonk’umhlaba, sidumise. W. Hlabano |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 16. INdodana kaNkulunkulu | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
INdodana, INdodana kaNkulunkulu. Yaba ngumntwa, yaba ngumntwana ngenxa yethu. Nang’uJesu, nang’uJesu usezelwe eBhetlehema, esitebeleni.Obhalweni, obhalweni, singeke sonke. Ugoqelwe, ugoqelwe ngengub’emhlophe. Usemtshoko, usemtshokotshweni ulele. Asimenze, asimenzel’amehl’amhlophe, UNin’uMa, uNin’uMariya oNgcwele. Wena Mama, wena Mama othandekayo. Usilondo, usilondoloze loJesu. Thandanani, thandanan’ezintweni zonke. Lizakuba, lizakuba ngabantwabami. Libatshele, libatshele abantu bonke. Sesizale, sesizalelwe uMkhululi. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 17. Namp’ubusuku | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Namp’ubusuku obuNgcwele kuyathula kuthi zwi. UJosefa loMariya, sebehlezi belomntwana. NguMsindisi wabantu, nguMsindisi wabantu. Namp’ubusuku, obuNgcwele, zwanini indaba le: Sifikil’iNkosi yethu, eyiNdodana kaNkulunkulu. NguMsindisi wabantu, nguMsindisi wabantu. Namp’ubusuku obuNgcwele sizwile ingoma le, izithunywa zihlabela, zidumisa ozelweyo. NguMsindisi wabantu, nguMsindisi wabantu. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 18. Ngokujabula Baba Nkulunkulu | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Ngokujabula Baba Nkulunkulu, Siyakubonga Nkulunkulu Baba Ngokuvutha kothando lwakho, sibonga Sikhumbula ukuzalwa kweNkosi uJesu Kristu. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Uyikukhanya wena Nkosi, Ntuba yaphakade Nkosi Ngokujabula sithi kawubongwe kawubongwe kawubongwe laphakade. (2x) |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
S. Moyo |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 19. Nkosi Jesu ngalolusuku | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
IBandla liyahlokoma, liyagiya ngalumkhosi omuhle, Kristu siyakubonga. Ngokuzalwa kwakho wasisindisa ezonweni zethu, Kristu siyakudumisa. Ekuzalweni kwakho, wazehlisa, wazithoba, Kristu uyiNkosi. Kristu uthando lwakho olungapheliyo lukhulu kithi, Nkosi ulomusa. Esiphambanweni wasifela, wasihlenga ngeGazi lakho, Nkosi ngeGazi eliNgcwele. Kristu wasifela, wabuya wavuka ngelanga lesithathu, Kristu uliqhawe. Kristu waba ngumuntu, wahlala lathi wehlukana lathi ngokungabi lesono. Mama Mariya, siyakubonga, ngokusizalela, uMsindisi. N. Lunga. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 20. Nkosi yezulu | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Nkosi yezulu, uhlezi esitheb’leni. Kuyini lokhu? Inje indlu yakho. Mntwana omuhle wazalelwani lapha? Uzikhethelelani ubuyanga? |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Nkosi yezulu, mntwana uyagodola. Ukhala nje, ulele otshanini. Ukhalelani? Uzondiwe ngabantu, abalezono, bengelanhliziyo. Nkosi yezulu, wavum’ukuba nguMuntu. Izinhliziyo zethu ziyathaba. SiloMsindisi owathenjiswa kade. Uzakusivuleli zulu lakhe. |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 21. Safika, Mntwana Jesu | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 22. Sazalelwa sonke | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Jabulani lonke, makholwa lamhlanje. Isipho sethu sonke, nguMsindisi womhlaba. Jabulani lonke, eBetlehema. Jabulani mhlaba, wonke lamhla. C. Baleni |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 23. Sigubha ukuzalwa kweNkosi | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Owazalwa yiNcasakazi eNgcwele, UMariya eBethlehema, laseJudiya! Ngcingci, ngcingci, ngcingci, kaMdo-yi! eBethlehema laseJudiya! Owasihlenga ngeGazi lakh’eliNgcwele, Esifela eSiphambanweni! Ngcingci, ... Esifela eSiphambanweni! Owasimisela iBandla lakh’eliNgcwele, EliKhatholika, ElinguNina wezizwe zonke! Ngcingci, ... ElinguNina wezizwe zonke! Owasithumela uMoya wakhe oNgcwele, UMthokozisi,Ukusinika amandla akhe! Ngcingci,... Ukusinika amandla akhe! Owasimisela iSidlo sakh’esiNgcwele, EsinguMzimba leGazi lakhe! Ngcingci, ... EsinguMzimba leGazi lakhe! Owathi uya, kusi, lungisela indawo, Ekhay’elihle elasezulwini! Ngcingci, ...Ekhay’elihle elasezulwi-ni! B. Ndlovu |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 24. Siyibonile inkanyezi yakhe | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Ngubani ongafaniswa lawe ezulwini, Nkosi, ngubani phakathi kwezidalwa zasezulwini ofana leNkosi na? Izimangaliso zakho, Nkosi, zidunyiswa ngamazulu; ubuqotho bakho badunyiswa emihlanganweni yabangcwele.Ngizakuhlabela ngothando lwakho olungapheliyo, ngoba uthando lwakho lumi kuze kube nini lanini. (c/ f Mat 2,1-12) T. Nkomo |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
| 25. Sizalelwe | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
|
Asiguqe sikhuleke, sidumise ozelweyo Amakholwa ahlabela, emdumisa ozelweyo. Amakhosi, alandela inkanyezi eBethlehema, lathi sonke sijabule siyibona iNdodana. UMariya, loJosefa bajabula ngeNdodana, Izithunywa zadumisa zizw’indaba yozelweyo. R. Phiri |
||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||